Archive | August, 2015

Amaphupho ngezinwele

Uma uphupha ukuthi ubuka izinwele zakho, uzothola uthando maduzane, kodwa lowo muntu kungenzeka ukuthi uthanda omunye umuntu. Uma uphupha ukuthi ukama izinwele zakho, kusho ukuthi uzolahlekelwa yinto ebalulekile, futhi ukushintsha umbala wezinwele zakho kusho ukuthi kunenkatahzo ezayo. Uma izinwele zakho sezikhule kakhulu zizinde, kusho ukuthi usungumqambimanga futhi uma sezibomvu, kufanele uqaphele izitha empilweni yakho. Uma […]

Continue Reading

Amaphupho ngeminwe nezandla

Uma uphupha ukuthi izandla zakho zingcolile, kusho ukuthi ubhekene nokulingeka ukwenza into embi. Uma zingagcolile nje kuphela kodwa zinamfuka futhi, kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezimali ubempofu ngenxa yalento olingekayo ukuyenza. Uma isandla sakho noma iminwe yakho ilimele, uzolahlekelwa umsebenzi maduzane futhi uma umuntu enqume umunwe wakho noma isandla sakho, kusho ukuthi maduzane uzolahlekelwa yinto oyisebenzele kanzima. […]

Continue Reading

Mayelana Namaphupho osikweni lwesiZulu

Ukuchaza amaphupho kuyingxenye esemqoka osikweni lwamaZulu. Umbuso wemimoya uyingxenye yansukuzonke empilweni yemiphakathi eminingi yama-Afrika, futhi kumaZulu ngamaphupho awumongo alombuso. Izincazelo nemifanekiso okwakha izwe lamaphupho lamaZulu kuguquguquke ngokwehlukana kwimifanekiso yaseNtshonalanga, futhi kwenza uhlelo lwezincazelo olunothile noluvusa imizwa. Read more …  

Continue Reading
ingwe-idla-ngamabala-soka-mthembu

Izaga

Ngezansi izaga nezincazelo zazo Isaga Incazelo Abantu abayi ngandawonye bengemanzi ∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa. Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. Akukho thusi lathetha lilodwa ∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga. Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba ∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela. Akuqhude […]

Continue Reading 0
izinja

Amaphupho Ombango

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine […]

Continue Reading 55

Izisho

Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo. Isisho Incazelo Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. ∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo. Ukuba mtshingo ubethwa ngubani ∼Ukuba intandane. Ukuba nenhliziyo engaphandle ∼Ukuhaha. Ukuba nkomo ∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi. Ukuba yinyoka ∼Ukuba nobuqili obufihlakele. Ukubamba isisila sehobhe ∼Ukuthembela entweni engenampumelelo. Ukubeka icala ∼Ukumangalela umuntu. Ukubeka inkunzi ∼Ukuphawula inkunzi. Ukubhodlela emswanini ∼Ukukhala emva kwendaba. Ukubhongela emswanini ∼Ukukhala […]

Continue Reading 4

Amaphupho Ebhadi

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo. Lezincazelo ezingezansi sizinikwe nguMama uNelisiwe Sibiya, ohlala endaweni yase Nanda eCongo. (more…)

Continue Reading 9

Amaphupho Okufa

Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywe uvalo kodwa bungekho ubungozi. Ukufa Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada […]

Continue Reading 34
shakazulu

Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobongozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela kona uba nezinhlanhla futhi ayafika […]

Continue Reading 38