Archive | January, 2016

ngunizulucattleinkomo

Amaphupho ngenkomo

Izinkomo Uma uphupha ubona izinkomo noma amankonyane incazelo iya ngokuthi uyazilawula noma cha. Uma uzibona zisemadlelweni noma uzelusa kusho impumelelo nenhlanhla ekusaseni lakho. Uma zikuhubha kusho ukuthi izitha zakho zikukhunkule ngomoya omubi futhi zizokunqoba. Kuhlale kuyishwa ukuphupha inkomo emnyama nokho futhi kusho ukuthi kuzoba nezinkinga emsebenzini wakho noma ebudlelwaneni bakho.

Continue Reading 20

Amaphupho ngesonto

Uma uphupha ukuthi usesontweni ngemvamisa kuwuphawu oluhle kuwe futhi uzothuthuka. Uma uzila ephusheni lakho kusho ukuthi wena noma umuntu omthandayo uzoshada maduzane ikakhulukazi uma uzwa insimbi yasesontweni ngaphezu kwalokho. Kodwa uma isonto livaliwe uma usufika khona kusho ibhadi. Uma ubona umbiko womshado esontweni kusho ukuthi labo bantu bazodivosa.  

Continue Reading 1

Amaphupho ngezinyoni

Uma uphupha ubona izinyoni kungasho izinto eziningi ezahlukene. Uma uzizwa zicula kusho ukuthi kuzoba nenkinga maduze. Uma uzibona zindizela phezulu lokho kusho ukuthi ukhohliswa ngabantu obucabanga ukuthi ungabethemba. Uma uzibona endle kusho ukuthi uzozwa izindaba ezingalindelekile. Uma uphupha izinyoni ezinkulu kusho impumelelo uma ucebile futhi uma uphupha izinyoni ezincane kusho impumelelo uma umpofu.  

Continue Reading 4

Amaphupho ngamakhala

Uma uphupha ukuthi ikhala lakho alikho kuwuphawu lebhadi (ikakhulukazi uma ugula). Uma uphupha ukuthi likhulu kakhulu uzoba yisigwili kodwa ube nobunzima ekutholeni uthando futhi uzojwayela ukuxabana nabanye. Uma lilihle lolu uphawu lenhlanhla futhi kusho ukuthi uzothandwa emsebenzini. Uma ubona ikhala lakho nje kuphela futhi ungazi ukuthi kungani kungenzeka ukuthi kusho ukuthi ukusebenza kwakho kanzima akuzukuba […]

Continue Reading 2