Amaphupho ngeminwe nezandla

Uma uphupha ukuthi izandla zakho zingcolile kusho ukuthi ubhekene nokulingeka ukwenza into embi. Uma zingagcolile nje kuphela kodwa zinamfuka futhi kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezimali ubempofu ngenxa yalento olingekayo ukuyenza. Uma isandla sakho noma iminwe yakho ilimele uzolahlekelwa umsebenzi maduzane futhi uma umuntu enqume umunwe wakho noma isandla sakho kusho ukuthi maduzane uzolahlekelwa yinto oyisebenzele kanzima. Uma uboshwe izandla ephusheni kufanele uqaphele – kusho ukuthi kunenkathazo ezayo kuwe.

 

5 Responses to Amaphupho ngeminwe nezandla

  1. nkanyiso February 16, 2016 at 7:10 am #

    Iphupho ngenhlabathi

  2. Nomusa Ngcongo February 16, 2016 at 11:18 am #

    Sanibonani.
    Ngiphuphe ngibolelwa uzwani onyaweni laka left,lavithika ngaphaphama ngithi ngiya esbhedlela ngfuna balinqume.

    Ngabe kuchaza ukthini lokho?

    Ngibuye ngaphupha izimbungulu zigcwele umzimba wonke zinginukela kabi, nalo ngingajabula uma ngingathola incazelo ngalo.
    Ngbonge ngisalinde incazelo enkosi boGogo noMkhulu

  3. Nonhlanhla March 19, 2016 at 4:22 pm #

    Ngiphupha ngilwa nowesifazane ngimushaye ngimunqobe uma sengimushayile ngimubuze ukuthi ufunani lana athi uze kumyeni wami kuchaza ukuthin

  4. Thabi March 29, 2016 at 4:12 pm #

    Sanibona, kungabe kuchaza ukuthini ukuphupha umama ekhipha iring yakhe yomshado eyifaka emunweni wam

  5. NkanyeZi September 21, 2016 at 12:35 pm #

    @Thabi…I- ring I chaza umshado… uma kwenzeka uyinikwa usuke uphiwa umshado…

Leave a Reply