Archive | July, 2016

Amaphupho ngokudla

Uma uphupha ukuthi udla ukudla okumnandi uzothola injabulo nempumelelo empilweni. Uma udla ulele phansi kusho ukuthi kukhona okuzokulahlekela. Uma ungowesifazane ongashadile kusho ukuthi kuzoba nezinkinga nelobolo lakho. Uma udla ekamelweni lokudla kusho ukuthi uzokwenza umngani omusha maduzane.

Continue Reading 9

Amaphupho ngomoya

Uma uphupha kunomoya incazelo iya ngokuthi unamandla kangakanani. Umoyana usho ukuthi izinto ezinhle zizokwenzeka kuwe futhi bonke bazokuthanda bakuhloniphe ngisho nezitha zakho. Uma umoya unamandla kusho ishwa nosizi. Uma kuyisivunguvungu kusho obukhulu ubunzima kanye neshwa ekusaseni lakho.

Continue Reading 1

Amaphupho ngesikhumba

Uma uphupha ukuthi isikhumba sakho sinezinduna kusho izinto ezinhle ngobudlelwane bakho nothandana naye. Uzohlangana nomuntu maduzane noma uzoba nenhlanhla nophathina wakho wamanje. Kodwa uma uphupha isikhumba sakho sisikwa kufanele uqaphele. Kusho ukuthi umuntu omethembayo kungenzeka abe yisitha.

Continue Reading 3

Amaphupho ngezingane ezincane

Uma uphupha ukuthi ubona ingane encane futhi usemsulwa kungenzeka uheheke ukulala nomuntu ongafanele. Uma ubona ingane encane ephusheni lakho ilele ngamadolo uzoba nesivakashi maduzane. Uma ingane izichamela noma izikakela uyibambile kuyinhlanhla uma wena ungangcoli kodwa kuyibhadi uma ikungcolisa.

Continue Reading 2

Amaphupho ngokubhukuda

Uma uphupha ukuthi uyabhukuda kuwuphawu oluhle uma ikhanda lakho lingaphezulu kwamanzi – ikakhulukazi emsebenzini nasebudlelwaneni bakho nabanye. Uma amanzi ehlanzekile ecwebile kuhle kakhulu. Uma ubhukuda phansi kwamanzi kusho ukuthi kunezinkinga ezizayo kuwe ikakhulukazi uma amanzi efiphele.

Continue Reading 3

Amaphupho ngemilenze

Uma uphupha ukuthi imilenze yakho noma amadolo akho aphelelwa amandla uzoba namashwa ikakhulukazi uma uwa phansi ngenxa yalokho. Kodwa uma inamandla nawe uzoba namandla nempilo – ikakhulukazi uma ungowesilisa. Uma ungowesifazane ngenjwayelo kusho ukuthi umyeni wakho uzokunakekela futhi akuphathe kahle.

Continue Reading 0

Amaphupho ngomcimbi womshado

Uma uphupha ukuthi uyashada kuyibhadi ikakhulukazi kwabesilisa. Kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima empilweni yakho maduzane. Uma omunye wabantu ephusheni lakho begula noma bekhubazekile kusho ukuthi uzoba nomshado ongenayo injabulo. Kuyinhlanhla kuphela uma umuntu wesifazane eziphupha eshada nekhehla.

Continue Reading 0

Amaphupho ngentuthwane

Uma uphupha ubona izintuthwane kusho ukuthi uyovuzwa ngokuzikhandla kwakho ngemicebo kanye nendlu enkulu ikakhulukazi uma uzibona ziqoqa udoti zizokwakha isidleke sazo. Uma uphupha iqulo lezintuthwane noma uphupha ngazo ubusuku bulandelana kubi futhi kusho ukuthi uzoba nezikhathi ezikhathazayo emndenini wakho.

Continue Reading 3

Amaphupho ngezinyawo

Uma uphupha ukuthi uneziqalagane ezinyaweni zakho kusho ukuthi uzoba yisigwili maduzane. Kepha uma izinyawo zakho zinqunyiwe ephusheni lakho uzolahlekelwa yinto ebalulekile kuwe maduzane. Okubi kakhulu kunalokho uma unonyawo olungelona olwangempela (prosthetic) isimo sakho sisazoba sibi impela ekusaseni lakho.

Continue Reading 1