Amaphupho Abika Isitha Nawa

Amaphupho Abika Isitha Nawa

Baningi ababuza ngamaphupho abika isitha ngokuhlukana kwamo. Isitha sivela ngezindlela eziningi emaphusheni.

  • ukuphupha ugwazwa
  • ukuphupha udutshulwa
  • ukuphupha usendlini eshayo
  • ukuphupha uhamba odakeni
  • ukuphupha ucwile emanzini angcolile
  • ukuphupha lina imvula enezikhukhula ezinkulu
  • ukuphupha umshado
  • ukuphupha isdumbu noma amangcwaba
  • ukuphupha ufake izingubo ezimnyama
  • ukuphupha ulahlekelwe iring yomshado
  • ukuphupha useskhathini
  • ukuphupha ubelethe ingane encane
  • ukuphupha ulunywa yizinja
  • ukuphupha usukelwa abantu
  • ukuphupha ushayiswa yimoto
  • ukuphupha udakiwe
  • ukuphupha liduma izulu
  • ukuphupha uboshiwe
  • ukuphupha ufake izingubo ezindala
  • ukuphupha uqwala intaba
  • ukuphupha amafu amnyama sengathi lizokuna
  • ukuphupha ukhiye/ingidi
  • ukuphupha imoto yomngcwabo
  • ukuphupha imali emnyama

Awaphelele kulawa amaphupho abika isitha ongawaphupha lapho usuke uqwashiswa khona yidlozi. Umbuzo omkhulu uthi wenza njani uma uphupha lamaphupho

Buza incazelo yephupho lakho ngezansi kuma comments thina sizokuchazela lona

16 thoughts on “Amaphupho Abika Isitha Nawa”

  1. Sanibona cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ufake buhlalo obuncane obumhlophe esamdleni nase ntanyeni, libuya kabili lephupho kwesibili ngiphuphe kungo munye wesfazane efake buhlalo ekhanda obumhlophe

    1. Thokoza! Ukuphupha ubuhlalu kukhombisa ukuthi kunomsebenzi wedlozi okulandelayo. Kufanele ukuthi uhlolisise kahle ukuthi ngabe lithini idlozi kuwe. Kodwa akufanele uwazibe lamaphupho

  2. Thozama Magidela

    Ngiphuphe ngisukelwa ngabantu izigebengu ngezibhamu,ngaphinda naphupha ngikhala lapho ngthi kushone umzukulu wami engathi ngaziswa skwenzekkile..

    1. Thokoza! Lamaphupho akho akhomba ingozi ekulandelayo. Idlozi liyakuqwashisha ngokuthi kukhona isitha onaso esikujeqezayo. Zama ukuwasukumela lamaphupho.

    1. Thokoza. Ukuphupha uboshiwe kusho ukuthi kunedlozi elingazihambisi kahle izinto zakho ngenxa yezikweletu zalo ezingafeziwe noma ezingakhokhiwe

      1. Thokoza ngicela kubiza kusho kuthini ukuphupha kufika amaphoyisa ethi azokubopha, kade uhlei no muntu othandana naye, mosidi wakho, mayefika amaphoyisa a fake usis wakho ozankosi wena unqabe kufakwa ozankosi, kodwa uhambe nawo amaphoyisa ngathi niya emotweni, kodwa nigcine senisemshadweni no sisi wakho, kodwa eningawazi kuthi okabani.

  3. Ngiphinde ngicela kubiza ukuphupha usekhaya kini udla inyama yangaphakathi isogqokweni.

    Elinye uphuphe uphushwa umuntu obanga naye indoda emanzini amnyama kodwa ukwazi kuphuma kulawomanzi ungasizwanga muntu.

  4. Thokoza, ngisacela kusho ukuthini ukuphupha unhuti we ex boyfriend wgwazwa ehamba nam?
    ukuphupha ngisolwandle ne best friend yam, kuvele umuntu ofake umcako abize i friend yam simlandele sihamba siwelaimifula?
    ukuphupha i family ye ex boy friend ingivakashele niphethe umntwana omncane?
    ukuphupha ngilunywa izinja?
    ukuphupha ngisesikoleni grade 11 and 12?
    ukuphupha ngixabana ne family yam, umama angixoshise okwenja ekhaya?

    iningi lalamaphupho sengihluphe i minyaka ngingayitholi incazelo, nezangoma ziyehlleka kungibhulela.

  5. Ngiphuphe ngathi ngifonelwe engithandana naye ethi uyeza kanti uzongivakashela mangiphupha ngisemzini thizeni khishin lakhona ngiyabingelela kumnandi nje, kuvele umuntu wami yena lo athi ‘Ya mondli uphi umuntu wakho’ ebuza sakudelela asuke lapho aphume. Mangimlandela ngithola kuthi use lounge and gcwele abafana kuyaphuzwa. Kudakiwe LA and yena ugonile komunye wesilisa engathi uthandana naye. Ngabamba ngamdonsa ngama washing saphumela ngaphandle passage kodwa manje ngathi usemude kakhulu kimi ngamwisa phansi ngamshaya ngamusakaza phandi Kuma tiles waphuma igazi kukho konke lokhu akekho ozayo kuzomlamulela besethi kimi [ayangthanda and nocansi kuryt kodua angeke u ngilale njengo washo igama ngaphapha.

    Mina ngingowesilisa othandana nomunye wesilisa and izinto azihambi kahle phakathi kwethu.

  6. Siphamandla Ndelu

    Sanibonani ngisacela ukubuza ukuth ngabe kusho ukuthin ukuphupha udakiwe ungakwazi ngisho ukuhamba kahle

  7. Manje ngifuka ngephuphu elicishe lithi alifane ngiqale ngaphupha sengathi ngika baba wengane yami asisazwani vele kahle ngiphupha sengathi ngikhona umama wakhona abize omalume bakhona ethi akangifuni kade ngilwa nentombi ye ex yami khona engathi ex yami isihlala khona ka baba wengane yami bese kucwele abantu bebuka.. Elesibili futhi ngathi ubaba wengane yami ulana ekhaya uphuzile sixabene kufike umah wakhe umfana nodade wabo bengithuka umaka mfana ethi akangifuni angiyeke ingane yakhe but akusiyo uma kababa wengane yami lo bengimbona kodwa udadewabo uyena ovele ngambona ngabe Kusho ukuthini ngoba ngiyazi ukuthi ubaba wengane unomuntu anaye manje kodwa ubuye abe busy angifanele athi ufuna sibobane

Leave a Reply to admin Cancel Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top