Author Archive | info

izinja

Amaphupho Ombango

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine […]

Continue Reading 55

Izisho

Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo. Isisho Incazelo Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. ∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo. Ukuba mtshingo ubethwa ngubani ∼Ukuba intandane. Ukuba nenhliziyo engaphandle ∼Ukuhaha. Ukuba nkomo ∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi. Ukuba yinyoka ∼Ukuba nobuqili obufihlakele. Ukubamba isisila sehobhe ∼Ukuthembela entweni engenampumelelo. Ukubeka icala ∼Ukumangalela umuntu. Ukubeka inkunzi ∼Ukuphawula inkunzi. Ukubhodlela emswanini ∼Ukukhala emva kwendaba. Ukubhongela emswanini ∼Ukukhala […]

Continue Reading 4

Amaphupho Ebhadi

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo. Lezincazelo ezingezansi sizinikwe nguMama uNelisiwe Sibiya, ohlala endaweni yase Nanda eCongo. (more…)

Continue Reading 9

Amaphupho Okufa

Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywe uvalo kodwa bungekho ubungozi. Ukufa Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada […]

Continue Reading 34
shakazulu

Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobongozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela kona uba nezinhlanhla futhi ayafika […]

Continue Reading 38
intombilove

Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho. (more…)

Continue Reading 23