Archive | amaphupho nezincazelo

Amaphupho Okufa

Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywe uvalo kodwa bungekho ubungozi. Ukufa Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada […]

Continue Reading 34
shakazulu

Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobongozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela kona uba nezinhlanhla futhi ayafika […]

Continue Reading 38
intombilove

Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho. (more…)

Continue Reading 23