Tag Archives | ukugeza

Amaphupho ngamathambo aphukile

Uma uphupha ukuthi uphuke amathambo, ngemvamisa kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima ezizayo ekusaseni lakho. Uma kuwukuthi imilenze yakho ephukile, kusho ukuthi uzoshada nomuntu ongenawo amandla. Uma ungowesifazane kusho ukuthi umyeni wakho uzoba yivila nesidakwa esingakwazi ukukusekela. Uma ungowesilisa, kusho ukuthi unkosikazi wakho uzoba ngumuntu olungile, kodwa angabi namandla anele okunakekela umuzi.

Continue Reading 2
izinja

Amaphupho Ombango

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine […]

Continue Reading 55

Amaphupho Okufa

Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywe uvalo kodwa bungekho ubungozi. Ukufa Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada […]

Continue Reading 34
intombilove

Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho. (more…)

Continue Reading 23