Ukuphupha Imoto

Ukuphupha Imoto Kusho Ukuthini?

Kudumile kwabaningi ukuthi uma uphupha imoto lokho kusuke kusho isifo. Into nje okufanele siyigcizelele wukuthi umbala wemoto unjani. Cha lokhu akulona iqiniso ngokuphelele. Kunezimo ezithile ezehlukile ongaphupha imoto kuzo. Okubalulekile ngokuphupha imoto kuba yizinto ezimbili:

  • Kuba umbala wemoto
  • Kube yisimo sakho mayelana naleyo moto

Lokhu ngeke kukholakale kodwa kuyiqiniso: uyakwazi ukuzijwayeza ukuzibona wena nokwenzayo uma uphupha. Lokhu kubalulekile uma kufanele kuchazwe iphupho lakho. Uma usjwayele uyakwazi ukulawula lokhu wena okwenzayo uma uphupha.

Uma usukwazi ukuzilawula wena nezenzo zakho ngesikhathi uphupha, ugcina usukwazi nokulawula nabanye abantu obabona uma uphupha.

Ukuphupha Imoto – Umbala Wayo

Kunemibala ethile evelayo uma uphupha imoto ulele ebusuku. Sizochaza nje kancane imibala ejwayelekile emaphusheni emoto

Umbala omhlophe – lombala uma uvela kungowemoto uphupha usho okuqondene namandla akho okuzalwa

Umbala obomvu – lo wona usho amandla nenhlanhla futhi nesimo sakho sezimali

Umbala oluhlaza (green) – lo wona uchaza okungase kube yisifo kumuntu osendelene nawe ngokuzalana. Kwesinye isikhathi lombala uyakhoma okungalungile mayelana nenhlanhla yakho nemali kodwa uma kukhona umuntu oganga ngakho.

Izihloko Ezifanayo:

Scroll to Top