Isifo Ibhande

ISIFO IBHANDE – IMBANGELA, IZIMPAWU UKWELASHWA KWASO

Isifo Ibhande yisifo esidalwa yigciwane elifanayo nalelo elodala isifo okuthiwa upokisi (chicken pox). Leligciwane elibanga esisifo linegama elithe phecelezi elithi yi-varicella-zoster.

Uma lesisifo saleligciwane sikuphethe siyaye sibulale isidleke lapho kukhandeke khona imizwa yomuntu. Lokhu kudala ukuthi lemizwa ibe nokuphazamiseka esikhunjeni somuntu ophethwe yilokhukugula.

Njengoba kuphazamiseka imizwa esikhunjeni, kuyaye kube nobuhlungu obuthile uma uthinta leyondawana esike ithintekile ngenxa yesifo ibhande.

ISIFO IBHANDE – IMBANGELA YASO

Imbangela yalesisifo njengoba sesichazile ngenhla yigciwane okuthiwa yi varicella-zoster. Ngokwezibalo emhlabeni uyedwa kwabathathu abantu othintekayo ngenxa yaso lesisifo.

Zehlukene ke izimpawu futhi zihambisana nezigaba nanokuthi lowo esimphethe akusiphi isimo amasosha omzimba akhe.

ISIFO IBHANDE – IZIMPAWU NEZINKOMBA

Uma uphethwe yisifo lesi kuyaye kube nezimpawu thizeni ezibonakalayo emzimbeni. Lezizimpawu ziyavela noma ungakaze ugule ubuthwe nezibi. Ngokujwayelekile umuntu uba nohlevane esikhunjeni olungaba kulezizindawo:

  • eqolo
  • okhalo
  • ngemuva emzimbeni
  • emehlweni
  • ezindlebeni
  • izicubu zangaphakathi

UKWELASHWA KWASO KWESIFO IBHANDE

Uma usubone uDokotela mayelana naso lesisifo uyakuthola ubuncono ngoba ungathola imishanguzo yokudambisa izinhlungu. Lemishanguzo ihambisana nekhambi lokuvimbela ukubhebhetheka kwegciwane elidala ibhande emzimbeni.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top