Ukuphupha Ugqoke Izimpahla Ezimnyama

Ukuphupha ugqoke izimpahla ezimnyama kuvame isikhathi esiningi ukuba yinto esikhathazayo. AmaZulu ayazi ukuthi ngokwesiko lesintu izimpahla ezimnyama kujwayelekile ukuthi kuzilwe ngazo. Ngakho ke kuba yinto ekhathazayo ukuzibona usuzigqoke ulele ephusheni.

Ukuphupha Ugqoke Izimpahla Ezimnyama Nencazelo Yakho

Akusiso sonke isikhathi lapho khona ukuphupha ugqoke izimpahla ezimnyama kubika khona isifo. Ubumnyama okusengamile empilweni kungaziveza ngezindlela ezehlukene. Lokhu kungabika nje ukuthi mhlawumbe kunesichitho oshaywe ngaso esivala ukukhanya kwakho.

Kungenzeka futhi njengoba uphupha izimpahla ezimnyama nje kanti khona amakhubalo abakushaya ngawo. Kodwa njengoba ubona izimpahla ezimnyama zikhomba isimo esingenakho ukukhanya.

1 thought on “Ukuphupha Ugqoke Izimpahla Ezimnyama”

  1. Bawinile Mthembu

    Ngiphuphe ñgihamba sekuhwlilenoma kuhwalala kwafika indoda egqoke izimpahla ezimnyama yangigxavuna kwase kuvela enye igqoke izimpahla ezimnyama nayo yakhipha isibhamu yakhomba lona ongigxavunayo waseyangidedela

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top