Ukuphupha Imoto Ishayisile

Ukuphupha imoto ishayisile kuyahlukana futhi kuya ngesimo salo leliphupho. Imoto ayisho isifo ngaso sonke isikhathi uma uyiphupha, ngaphandle uma inombala oluhlaza satshani (green). Eminye imibala yemoto ephusheni inezincazelo ezahlukene. Sizamile ukuyichaza imibala ehlukene phansi kwesihloko esithi ukuphupha imoto.

Ukuphupha Imoto Ishayisile Kusho Ukuthini?

Uma uphupha imoto ongayazi ishayisile lokhu kuchaza ukuthi kungabakhona umuntu oseduze nawe owonakelelwa ziyinto zakhe empilweni. Lapha ngisho uma imoto oyibona ishayisile kungeyona eyakho uphupha.

Akukacaci kahle hle kithi sonke esichaza amaphupho ukuthi kwenziwa yini siphuphele abanye abantu izinto. Kodwa khona kuyenzeka. Kwesinye isikhathi idlozi liyakwazi ukusebenzisa isimo somunye umuntu ngisho ongamazi ukuze likuxwayise ngezinto okufanele wena uzigweme.

Ukuphupha Imoto Kungeyakho Khona Kubikani?

Uma uphupha imoto yakho ishayisile lokhu kuchaza ukuthi esimweni sakho samandla kukhona omonakalo ozokwenzeka uma ungaqaphile. Idlozi liyakukhombisa lokhu kungakenzeki. Kunesizathi likuxwayisa kanje: sukuma ulungise izinto zakho izinto zingakonakali.

Abaningi abasithintile babuze ukuthi kusho ukuthini uma uyiphupha imoto ishayisa umuntu. Kodwa ke nalo leli libika into engeyinhle ngoba libika ingozi noma kungathi nje aliqondene nawe. Awulilinde ubone ukuthi liyabuya yini na.

4 thoughts on “Ukuphupha Imoto Ishayisile”

  1. Ndphume umntwnam ekhwele emotwen, ingathi kwafika truck yatshayisa loomoto ingathi umntwana wam Wasweleka, ngaba lichaza ukuthini elophupha?

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top