Ziningi izincazelo zamaphupho afaka inyoka phakathi. Isizathu salokho wukuthi amaphupho enyoka ayahluka kakhulu. Kuyaye kuye ngombala wenyoka oyiphuphayo.
Okwesibili okudala lamaphupho ehluke kakhulu wukuthi uhlobo lwenyoka nalo luchaza okuthile ngephupho. Imamba ngeke ifake nenhlwathi uma uziphupha. Inhlwathi ibika amakhehla asekhaya. Imamba yona isuke ibika isitha noma ubutha obhekene nakho.
Ngezansi sizozama ukuwahlukanisa amaphupho enyoka ngoba phela nombala wayo uyakubika okuthile. Ngeke inyoka eluhlaza ibike okufanayo nenyoka emnyama noma ensundu.
Futhi inyoka enombala owodwa ephusheni ngeke ifane naleyo enombala omagqabhagqabha. Yingakho ke nje ngezansi siwahlukanisile onke lamaphupho uma sesiwachaza.
1. Ukuphupha Inyoka Emnyama
Uma ngabe ubona inyoka emnyama ephusheni lokho kuchaza ukuthi unesitha. Kuzohlukake ngokuthi uyibone kuphi nokuthi ibikusipho isimo. Lena oyiphuphe isekhaya kubika ukuthi isitha obhekene naso sisemndenini. Engaphandle yona ibika isitha nje esinaphandle noma esingaphakathi.
2. Ukuphupha Inyoka Eluhlaza
Ukuvela kwenyoka eluhlaza uma uphupha lokhu kukukhombisa isimo sethonga noma umyalezo ovela edlozini lakini. Akujwayelekile ukuthi idlozi lakomalume liziveze ngenyoka eluhlaza. Qaphela ke ukuthi ivele yenzani ephusheni lakho. Okuvamisile wukuthi iyaye izibonakalise iseduze kwezakhiwo zekhaya.
3. Ukuphupha Inyoka Emhlophe
Leli ke lona alijwayelekile ngoba okwalo kuthe phecelezi kancane. Akukaze kuzwakale kuthiwa khona ophuphe inyoka emhlophe engelona uhlobo lwenhlwathi. Ngakho ke uma umuntu ephupha inyoka emhlophe lokhu kusuke kubika inhlanhla enkulu. Kuvele nje kuyinhlanhla ukuphupha inhlwathi.
4. Ukuphupha Inyoka Ebomvu
5. Ukuphupha Inyoka Emnyama Enkulu
6. Ukuphupha Inyoka Eluhlaza Encane
hi ngiphuphe ibhokisi lomentshisi ngifake iphone ngaphakathi kwalo, kodwa kunengane ekhala kabuhlungu, ngaze ngaphaphama. ingabe kusho ukuthini loko
ngabuya ngaphupha ingane yami iphakathi kwelangabi elikhulu, ikhala kabuhlungu icela usizo kimi kodwa uma ngithi mayilethe isandla ngiyayibamba kodwa iphinde ishelele ibuyele emlilweni kwaze kwaba kabili . yasha yaze yashona. ingane yesibili ngayiphupha ihlupheka loku okumangazayo ingabe kuqondeni ngalokhu.