Kusho Ukuthini Ukuphupha Ugwazwa

Kuchazani Ukuphupha Ugwazwa?

Abantu abaningi abasibhalele besibuza ngokuthi kuchazani ukuphupha ugwaza sizamile ukubaphendula. Yingakho nje sikhethe ukuthi sibhale kabanzi ngaleliphupho.

Ukuphupha Ugwazwa Ngomese

Lijulile lona leliphupho uma uze wakwazi nokubona ukuthi ugwazwa ngasikhali sini noma siphi. Lokhu ukuphupha ugwazwa ngomese kucace nje bha ukuthi lana ubheke nengozi eza ngesikhali. Kuyenzeka ke kwesinye isikhathi isikhali ungakwazi ukusibona. Abanye baye babone izinto ezehlukene ezisetshenziswa uma begwazwa.

Thina sizoke sigxile kulokhu esikuzwa kaningi ukuphupha ugwazwa ngomese ulele ebusuku.

Amaphupho Ngokugwazwa Achazani?

La inkinga ekhona enkulu naleliphupho yikho ukuthi linesikhali phakathi ngakho alilihle nhlobo. Noma yisiphi isikhali akufanele usiphuphe uma ulele ngisho ngabe asisetshenziswa kuwe. Lokhu kucishe kufane nokuphupha udutshulwa noma umehluko umnane nje kodwa ngizokuchazela.

Ukuphupha Ugwazwa Umuntu

Kuyenzeka uma uphupha ugwazwa umuntu omaziyo noma ongamaziyo isikhali asiphethe ungasiboni. Sizoqala ngokuphupha ugwazwa usibone isikhali futhi ubone negazi lakho. Ukuphupha ulwa kufana ncamashi naleli lokuphupha ugwazwa.

Lokhu kuchaza ukuthi unesitha esibi esifuna ukuthi ufe kuphele ngawe. Lesisitha kunokwenzeka ukuthi sihlela ukukusebenzisela isikhali sona.

Okunye okuchazwa yileliphupho wukuthi kukhona isitha esikusebenzisela umuthi ukukucupha ukuthi ulimale ngesikhali. Lokhu kungasho kuthi ukuthi edlozini lakho kukhona owadlula ngesikhali kodwa wangagezwa ngakho leyongozi ayikavaleki.

Ukuphupha Ugwazwa Wumuntu Omaziyo

Ukuphupha ugwazwa wumuntu omaziye sekuthanda ukucacisa ukuthi ngempela kunomuntu olwa naye. Akubi yilo omphupha ekugwaza ngaphandle uma ulale usebenzise umuthi wokuzibonela izitha zakho ngamehlo. Lo omphupha ekugwaza cha akanacala bakithi khona ocashe ngaye.

Ukugwazwa ephusheni kuyafana nokudutshulwa. Yizinto lezi okufukeka ukuthi uzisukulele ngokushesha.

Engingakucebisa ngakho nje uma uvuka naleliphupho wukuthi uthole izinduku zokuzivikela noma zokugeza nje amathunzi amamnyama. Uma usuwenze njalo kuzocaca noma ukuphupha okunjena kusazobuya yini noma ngeke.

Okunye futhi okusizayo uma uphupha kanje wukuthi ubuke isimo sakho osuke ubhekene naso ngalesosikhathi. Uma kunesimo esinobungozi kodwa ongakwazi ukuziqhelisa kuso yenza njalo.

Ukuphupha Ugwazwa Umuntu Ongamazi

Lokhu kuthi akufane nokubona umuntu omaziyo ekugwaza uphupha. Konke ukulimala kokhomba khona ukuthi unesitha esikujeqeza kabi. Into eyisikhali akufanele uyiphuphe uma konke kuhamba kahle.

Kunokwenzeka futhi ukuthi kukhona owashona wadlula emhlabeni ngenxa yesikhali kodwa lowomkhokha awuzange uvalwe ekhaya

1 thought on “Kusho Ukuthini Ukuphupha Ugwazwa”

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top