Amaphupho Abika Isitha Nawa
Baningi ababuza ngamaphupho abika isitha ngokuhlukana kwamo. Isitha sivela ngezindlela eziningi emaphusheni.
- ukuphupha ugwazwa
- ukuphupha udutshulwa
- ukuphupha usendlini eshayo
- ukuphupha uhamba odakeni
- ukuphupha ucwile emanzini angcolile
- ukuphupha lina imvula enezikhukhula ezinkulu
- ukuphupha umshado
- ukuphupha isdumbu noma amangcwaba
- ukuphupha ufake izingubo ezimnyama
- ukuphupha ulahlekelwe iring yomshado
- ukuphupha useskhathini
- ukuphupha ubelethe ingane encane
- ukuphupha ulunywa yizinja
- ukuphupha usukelwa abantu
- ukuphupha ushayiswa yimoto
- ukuphupha udakiwe
- ukuphupha liduma izulu
- ukuphupha uboshiwe
- ukuphupha ufake izingubo ezindala
- ukuphupha uqwala intaba
- ukuphupha amafu amnyama sengathi lizokuna
- ukuphupha ukhiye/ingidi
- ukuphupha imoto yomngcwabo
- ukuphupha imali emnyama
Awaphelele kulawa amaphupho abika isitha ongawaphupha lapho usuke uqwashiswa khona yidlozi. Umbuzo omkhulu uthi wenza njani uma uphupha lamaphupho
Buza incazelo yephupho lakho ngezansi kuma comments thina sizokuchazela lona
Sanibona cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ufake buhlalo obuncane obumhlophe esamdleni nase ntanyeni, libuya kabili lephupho kwesibili ngiphuphe kungo munye wesfazane efake buhlalo ekhanda obumhlophe
Thokoza! Ukuphupha ubuhlalu kukhombisa ukuthi kunomsebenzi wedlozi okulandelayo. Kufanele ukuthi uhlolisise kahle ukuthi ngabe lithini idlozi kuwe. Kodwa akufanele uwazibe lamaphupho
Ngiphuphe ngisukelwa ngabantu izigebengu ngezibhamu,ngaphinda naphupha ngikhala lapho ngthi kushone umzukulu wami engathi ngaziswa skwenzekkile..
Thokoza! Lamaphupho akho akhomba ingozi ekulandelayo. Idlozi liyakuqwashisha ngokuthi kukhona isitha onaso esikujeqezayo. Zama ukuwasukumela lamaphupho.
cela kubuza kusho ukuthini ukuphupha unikwa yindiya izidakamizwa(drugs)
Kukhona isilwane esifuna ukuphazamisa izinto zakho bese uqhatheka nedlozi. Kufanele ubhekisise izinto zakho
ukuphupha uboshiwe
Thokoza. Ukuphupha uboshiwe kusho ukuthi kunedlozi elingazihambisi kahle izinto zakho ngenxa yezikweletu zalo ezingafeziwe noma ezingakhokhiwe