Ukuphupha Ubona Isidumbu

Ukuphupha ubona isidumbu ulele ebusuku kungaba yinto esabisa kakhulu. Okuyimbangela yokuthi leliphupho libe nokuthusa wukuthi ukubona isidumbu yinto engandile.

Cishe sonke siyayesaba into esisondeza nelokufa nje empilweni. Yingakho ke nje kufanele sithuke uma siphupha ngokufa.

Ukuphupha Ubona Isidumbu Kusho Ukuthini?

Njengoba sesichazile ngenhla ukuthi akuyona into ejwayelekile ukusondelana nokufa. Kubi kakhuluke uma izidumbu sezizozifikela emaphusheni uzilalele

Incazelo

Amabantu abangasekho kunendlela abazama ngayo ukuxhumana nathi ukuze badlulise imiyalezo yabo. Uma uphupha isidumbu lokhu kukhomba into ehambisana nemimoya emibi ekuhaqile. Lemimoya ingakuhara uzihambela nje emgwaqeni.

Uma ngabe kuwumuntu wakini lo omphupha eyisidumbu kodwa ebe esaphila, lokhu kusho okuthanda ukuphambana nokulindelekile. Kuye kuthiwe lowomuntu omphupha eyisidumbu wena ubumelula noma umkhipha ebungozini.

1 thought on “Ukuphupha Ubona Isidumbu”

  1. Ngiphupha sihlezi olwandle emlalazi singaphandle kwamanzi, kodwa izinyawo zethu sizifake emanzini edamini lase lwandle sibaw4. Kodwa mina Uma ngibuka phakathi emanzini ngibona isidumbu somlungu phakathi emanzini kodwa siphansi sicwilile, Nami ngi sibone ngoba lamanzi ebemhlophe kubonakala ngisho into engaphakathi phansi kwa Manzi. Ngabakhombisake ebengihlezi nabo, sase siyasuka khona olwandle sahamba kodwa sibe sizama kfonela amaphoyisa ngalesigameko. Kodwa endleleni sisahamba ngabona umoba uhlahlwa oshisiwe and Nami ngabona nezitaki zikamoba ngase ngicinga omuhle umoba ngadla.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top