Amaphupho ngesibhamu – Okokuqala nje okufanele sikwazi ngesibhamu wukuthi siyisikhali. Siwuhlobo lwesikhali okungesona kahle kahle esethu bantu kodwa esafika nalaba bokuhamba.
Isibhamu yisikhali okungesona esasijwayelekile isintwini sakithi kodwa nathi sesiyasisebenzisa futhi sesaba nolwazi olunzulu ngaso.
Okunye okufanele sikubhekisise ngaphambi nje kokuchaza amaphupho ngesibhamu wukuthi siwuhlobo lwesikhali esisabekayo. Nongakaze walinyazwa yiso uyasesaba naye. Uma uke wadutshulwa kuvamile ukuthi kusale amanxeba ahlala ingunaphakade emzimbeni wakho
Amaphupho Ngesibhamu Achaza Ukuthini
Ahlukahlukene ke amaphupho esiiwaphuphayo afaka isibhamu phakathi. Sizozama nje ukuwabhala njengokuwazi kwethu. Incazelo wawo ngalinye uzoyithola ngokulandelela umugqa ngamunye la ngezansi:
- Ukuphupha udutshulwa yizigebengu
- Ukuphupha udutshulwa kodwa ungafi
- Ukuphupha udutshulwa wumuntu omaziyo
- Ukuphupha udutshulwa amaphoyisa
- Ukuphupha udutshulwa isotsha
- Ukuphupha bekugijimisa ngesibhamu
Njengoba ke uwabona lamaphupho awaphelele kulawa esiwabhalile amaphupho ngesibhamu maningi. Uma elakho lingaveli kulawa sicela usibhalele lona ngezansi ukuze silichaze nalo.
Okusemqoka Ngamaphupho Ngesibhamu
Njengoba ke izincazelo zalamaphupho zehlukene kaningi kufanele kodwa sikucacise ukuthi wonke awabiki okuhamba kahle. Isikhali nje asifuneki ikakhulukazi uma sivela ngephupho ulele.
Sukuma unyakaze ke ngoba kukhona umoya wakho nedlozi abazama ukukukhombisa khona. Kakhulukazi nje uma lamaphupho elokhu ebuya njalo uzogcina ubona sekwenzeka umonakalo uma ulokhu uhlezi.
Ukuphuphupha udubula emoyenj ngezinhlobonhlobo zezibhami
Ukuphupha umuntu edutshulwa
Ngyabingelela
Ngiphuphe ngijahwa ngama machine guns amadoda amaningi esho ukungiqeda kodwa awangitholanga! Bengibaleka impela nje kodwa futhi bengibalekela ngasekhaya… Ngyakhumbula nje nabantu engiqale ukubabona ephusheni lami ukuthi bekungobami before ngsuke lapho ngiye kulendawo ke engifike ngahlaselwa khona ngezibhamu abadoda agqoke izingubo ezimnyama. Ngabe kusho ukuthini lokhu?
Ngyabonga!
Ngiphuphe iphoyisa lingidlalisa lingikhomba ngesibhamu kodwa mina bengithukile ngithi uzongidubula
Ngiphupha ngifunwa ngabantu ababili ngezibhamu mina nomgani wami kodwa ekuqcineni ngithethele omunye wabo ngambulala lo wesibili wangena naye ngamdubula wawela phansi wayesethi kimi leyandlela bengihamba ngayo kwakungamele ngihambe ngaleyandle kwavele kwafika imoto eyintlobo Luka BMW e Meron ngombala ngase ngiyavuka
Ukuphupha udutshulwa iphoyisa
Ngiphuphe Umana ethi ungenzele umsebenzi Kubo kodwa wathi mina angikwazi ukudla nabo ngiyothenga ojwami ukudla ngase ngibona Abantu bedubula ngase sitolo ngabaleke ugogo ozala Umana wangihlangabeze ebunyameni Kanye nomalume. Ngiyabonga
Ngiphuphe kudutshulwa kungamasosha amaningi kodwa ngacasha ngalala phansi bengisizwa sishisa endlebeni namabhomu kodwa sagcina sikwazile ukwedlula ngaphaphama
Ukuphupha uhambanomuntu ophethe isbhamu wena ungasphethe bese nihlangana nomuntu bese lona osiphethe asikhiphe ethi elamanqamu namuhla adubile abhekise kulomuntu esizohlangana naye ambulale bese Mina ngizibona Nami sengisiphethe esendleni
Mna ngiphuphe la ebengikhona kunjwa inkunzi bevale umgwaqo umuntu wonke ovelayo noma yimoto bayivimbe ngithe sengihamba omunye wanginikeza isbhamu ngabaleka Naso, ngyabonga
Ngiphuphe kunomuntu osikhombha ngesibhamu, sihlezi ngaphakathi endlini. Kuthe kusukela lapho umntu wangena wagwaza umzali ngommese, kwabakhona ubhuti omdala ofulathelayo, lobhuti engikhuluma ngaye ukuthi uyafulathela, uyaphila.
Ngiphuphe engathi ngilwisana nomuntu ngesibhamu kwase kudubuleka umntana wam
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha abantu bedubulana erank yamatekisi ngilapho kuleyondawo kodwa ngiphethe umntwana ngizama ukumuvikela.
ukuphupha uzwa isibhamu sikhala
Kusho ukuthin ukuphupha kulahleka isibhamu sakho??
Ukuphupha udutshulwa kodwa ungafi
Ukuphupha kuqhuma isibhamu kuze kukhale iminsininizo ezindlebeni
Ngicela ukubingelel
Ngiphuphe ngikhonjwe ngesibhamu, ngikhala ngingcenga ukuthi ngingadutshulwa.Ngase ngiyaphaphama
Sanibonani
Kuchazani ukuphupha omunye umuntu omaziyo edutshulwa? Not ukuthi kudutshulwa mina.