Itiye Labantu Abadala

Itiye labantu abadala ngouthe phecelezi, iladi noma ilati yisithebe noma ukudla okwenzela abantu abangasekho. Kuthiwa nje elabadala ngoba kushiwo labo abangasekho.

Ziningike izindlela zokwenza itiye labantu abadala uma ungumuntu okholelwayo kulaba abangasekho. Kuze kuthiwe nje itiye ngoba phela kunenkolelo yokuthi abangasekho noma abadala bayakujabulela okuya ethunjini nabo.

AmaZulu kanye nezinye izinhlanga zabantu abamnyama ziyakholelwa wukuthi abadala nabo bayajatshuliswa. Futhi siyakholelwa ekutheni ufanele sibabonge ngoba lokhu esinakho sikuthola kubo. Itiye labantu abadala enye indlela yokubonga uma kukhona esikutholile futhi sikholelwa ekutheni kuvela kubo.

Lenziwa Kanjani Itiye Labantu Abadala?

Kulula futhi akubizi mali etheni ukwenza itiye labantu abadala. Kufanele uthole nje itiye qobolwalo. Uyaye ke futhi uthenge nesinkwa esinsundu ngenkolelo yokuthi abalele abasazanga esimhlophe. Thina asiboni nkinga ngombala wesinkwa osisebenzisayo.

Itiye ke olenzayo kufanele ulihlukanise kube khona elinobisi nelingenabisi. Yenza futhi ongeke ulifake ushukela nobisi okusho ukuthi ahlukana kathathu lamatiye akho. Bekake nesinkwa phezu kwento ehloniphisayo njengesithebe noma yiphephandaba. Lapha ugwema ukubeka ukudla phansi bume nje. Inhlonipho ibalulekile uma wenzela abadala ukudla.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top