Amaphupho Ngesibhamu

Amaphupho ngesibhamu – Okokuqala nje okufanele sikwazi ngesibhamu wukuthi siyisikhali. Siwuhlobo lwesikhali okungesona kahle kahle esethu bantu kodwa esafika nalaba bokuhamba.

Isibhamu yisikhali okungesona esasijwayelekile isintwini sakithi kodwa nathi sesiyasisebenzisa futhi sesaba nolwazi olunzulu ngaso.

Okunye okufanele sikubhekisise ngaphambi nje kokuchaza amaphupho ngesibhamu wukuthi siwuhlobo lwesikhali esisabekayo. Nongakaze walinyazwa yiso uyasesaba naye. Uma uke wadutshulwa kuvamile ukuthi kusale amanxeba ahlala ingunaphakade emzimbeni wakho

Amaphupho Ngesibhamu Achaza Ukuthini

Ahlukahlukene ke amaphupho esiiwaphuphayo afaka isibhamu phakathi. Sizozama nje ukuwabhala njengokuwazi kwethu. Incazelo wawo ngalinye uzoyithola ngokulandelela umugqa ngamunye la ngezansi:

  • Ukuphupha udutshulwa yizigebengu
  • Ukuphupha udutshulwa kodwa ungafi
  • Ukuphupha udutshulwa wumuntu omaziyo
  • Ukuphupha udutshulwa amaphoyisa
  • Ukuphupha udutshulwa isotsha
  • Ukuphupha bekugijimisa ngesibhamu

Njengoba ke uwabona lamaphupho awaphelele kulawa esiwabhalile amaphupho ngesibhamu maningi. Uma elakho lingaveli kulawa sicela usibhalele lona ngezansi ukuze silichaze nalo.

Okusemqoka Ngamaphupho Ngesibhamu

Njengoba ke izincazelo zalamaphupho zehlukene kaningi kufanele kodwa sikucacise ukuthi wonke awabiki okuhamba kahle. Isikhali nje asifuneki ikakhulukazi uma sivela ngephupho ulele.

Sukuma unyakaze ke ngoba kukhona umoya wakho nedlozi abazama ukukukhombisa khona. Kakhulukazi nje uma lamaphupho elokhu ebuya njalo uzogcina ubona sekwenzeka umonakalo uma ulokhu uhlezi.

5 thoughts on “Amaphupho Ngesibhamu”

  1. Ngyabingelela

    Ngiphuphe ngijahwa ngama machine guns amadoda amaningi esho ukungiqeda kodwa awangitholanga! Bengibaleka impela nje kodwa futhi bengibalekela ngasekhaya… Ngyakhumbula nje nabantu engiqale ukubabona ephusheni lami ukuthi bekungobami before ngsuke lapho ngiye kulendawo ke engifike ngahlaselwa khona ngezibhamu abadoda agqoke izingubo ezimnyama. Ngabe kusho ukuthini lokhu?

    Ngyabonga!

  2. Godfrey mbendana

    Ngiphupha ngifunwa ngabantu ababili ngezibhamu mina nomgani wami kodwa ekuqcineni ngithethele omunye wabo ngambulala lo wesibili wangena naye ngamdubula wawela phansi wayesethi kimi leyandlela bengihamba ngayo kwakungamele ngihambe ngaleyandle kwavele kwafika imoto eyintlobo Luka BMW e Meron ngombala ngase ngiyavuka

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top