Amaphupho Ngezinwele

Ayinto engajwayekile amaphupho ngezinwele kodwa wona akhona. Noma ngabe uyasikholwa noma awusikholwa isigameko esise ncadini encwele phakathi kuka Samsoni no Delile kodwa lokhu khona kwezinwele kuyiqiniso. Phela kulesisigameko uSamsoni walala kwase kuthi intokazi ewu Delile yamgunda izinywele aphela amandla akhe.

Lesisigameko ngisiletha lapha hhayi ngoba ngilikholwa kodwa ngifuna ngithi uma ngichaza ngezinwele nawe usheshe ucacelwe.

Amaphupho Ngezinwele Asho Ukuthini?

Ngokudlule sike sachaza okushiwo iphupho lapho khona uxabana nomama wakho. Abaningi bagculisekile ngencazelo yaleliphupho kuma social media naku whatsapp wethu.

Ukuphupha izinwele akuyona into ejwayelekile nje kithi sonke. Kodwa futhi uma ngabe sekwenzekile waziphupha kunendlela okungafanele uziphuphe ngayo.

Ukuphupha izinwelw zakho zigundiwe lokho kusho ukuthi amandla akho ayantshontshwa ngandlela thizeni. Kulesisikhathi ke samanje ziningi izindlela abantu abakwenzwa ngayo lokho. Kodwa nje elami lithi uma uphupha izinwele zakho zigundwa kufanele ukhathazeke.

Ukuphupha izinwele zakho zikhulile futhi ziznhle lokhu kukhomba ukuthi izinto zakho zamandla zihamba kahle. Ukube kuya ngami ngabe ngithi phakama usebenze kakhulu kunakuqala.

Ukuphupha Izinwele Zincolile

Naleliphupho alilihle nhlobo noma ke nje lona lingafaki umuntu wesibile. Kukhona la okufanele ukuthi ukwenzile ukuze amandla akho abuyele esimweni sawo. Ungakhathazeki ngoba wona awahambile ngokwezinkomba zaleliphupho

Sesiphetha nje singasho ukuthi amaphupho ngezinwele onke abika ukuthi isimo sakho samandla owazalwa nawo simi kanjani. Lamapho ayakuqwashisha futhi ayaba yisexwayiso ngokunjalo.

Ukuphupha Izinwele Zakho Zicwebezela

Izinwene ezinhle futhi ezikhazimulayo zisho ukuthi isimo sakho samandla sisahamba kahle. Izinto ozisebenzayo ziyasebenzeka futhi ziyakhula zizoba nempumelelo.

2 thoughts on “Amaphupho Ngezinwele”

  1. Ngiphuphe usisi wami ongasekho engincoma ukuthi ngiluke kahle wangithinta ukhakhayi maqede wathi uzongilungisa emaceleni maqede wangiqaqa emaceleni waphinde wangiluka. Okungidida kakhulu ngivuke ngiphethwe ikhanda. Ngabe kuchazani

    1. Lihle kakhulu leliphupho lakho sisi. Ungakunaki lokhu kokuphathwa yikhanda. Incazelo yalo asikwazi ukuyifaka lana kuma comments ngoba izokuqhatha

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top