Ukuphupha Uxabana Nomama Wakho

Kusho Ukuthini Ukuphupha Uxabana Nomama Wakho

Leliphupho elinjena sengilizwe izikhashana eziningi futhi kubantu abahlukene. Abanye esengike ngabacacisela lona bese bebe nalo iminyakanyaka. Lifike libuye linyamalale kodwa libuye emva kwesikhashana

Umama wakho wuyena umzali obaluleke kakhulu uma ngabe sekuza ngasekufundisekeni kwakho izinto eziningi zempilo. Ikakhulukazi yibona omama abanye basiqoqe ngokweziyalo empilweni. Ekuzalweni nje kwakho umama wakho ubalulekile ngoba noma engasekho emhlabeni udlala indima enkulu kabi.

Ukuphupha Uxabana Nomama Wakho

Kufanele ukhathazeke impela uma uphupha leliphupho ngoba libika into enkulu eyonakele empilweni. Azivamile ukuhamba kahle izinto zomuntu ohlushwa yileliphupho

Incazelo

Ukuphupha uxabana nomama wakho kukhomba into engalungile mayelana nokuzalana kwenu. Kungenzeka kube khona into ebalulekile okufanele uyazi kodwa yena umama wakho akacabangi ukuthi yinto esemqoka.

Kungenzeka futhi lokhu kukhombe isimo sedlozi lakho lakomalume elingaqondiselwanga izinto zalo. Kufana nje nokuthi wena ubize isibonga sikababa wakho kodwa wazalelwa ekhaya komama wakho. Uyaliphupha leliphupho ngoba ithonga lisuke likhoma ingozi ezintweni zakho zempilo.

Kwesinye isikhathi uyaphupha uxabana nomawakho uma kukhona into angayithandi oyenzayo wena. Lokhu kuvamisile ukwenzeka kubantu omama babo asebadlula emhlabeni. Yingoba phela abasakwazi ukuzikhulumela bona kodwa senixhumana ngamaphupho.

Okunye okudala ukuphupha uxabana nomama wakho wukuthi kubekhona umuntu ekhaya ophendula idlozi ukuthi lisebenzele yena yedwa. Kuye bese kuqhuma isikhalo ngasohlangothini lwakomalume ngoba phela wena usuke usufana nomuntu omelene nethonga lasekhaya konyoko.

2 thoughts on “Ukuphupha Uxabana Nomama Wakho”

  1. Pingback: Amaphupho Ngezinwele, Kusho Ukuthini Ukuphupha Izinwele

  2. Umama Wami usaphila but sukela ekukhuleni kwami Min nomama asizwani Kahle ngenxa yokuthi umama washada nobaba bahlukana early emva kokushada kwabo wabe eseyohlala nomunye ubaba nim njengengane yangaphandle kwala esehlala khon akaphindanga wanginaka it’s been 10 years manje

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top