Ukuphupha Umthakathi Kuchaza Ukuthini

Ukuphupha umthakathi kuthanda ukuba nempica badala ngenxa yokuthi kusuke kuvele umuntu. Kubi ke uma sekuzovela umuntu omaziyo ngoba kubanzima ukulikholwa leliphupho elinjena.

Okubalulekile ngaleliphupho wukuthi umthakathi umbone kanjani ukuthi wumthakathi. Kuyenzeka ke iphupho lingakucacisi okuningi kodwa inqondo ngoba isuke ingalele izibonele yona. Kwesinye isikhathi ibona ngaphandle kwezimpawu ezithile.

Ukuphupha Umthakathi Ngokucacile

Wonke umuntu ophilayo unayo imicabango ngokuthi umthakathi ungambona kanjani ebusuku. Okwakujwayelekile kwakuwukuthi ubathakathi bagibela izimfene. Abamanje akusekho konke lokho.

Ngabe Leliphupho Lichaza Ini?

Uma umbonile umthakathi ephusheni kusho ukuthi kukhona umuntu ocashile kodwa oseduze okugadlayo. Ngeke kube owomndeni ombona ngalendlela ephusheni. Kodwa yena umuntu oseduze kwempilo yakho kakhulu. Kungaba wumngani noma wumuntu osebenza naye lo okugadlayo.

Njengoba usumbone uphupha kusho khona ukuthi idlozi lakho selize lathola ithuba lokukuvezela isitha onaso. Uma selikubonisa kanje idlozi kwesinye isikhathi kusuke kungasabalulekile ukwenza lutho kodwa osekufuneka wukuthi ubukisisele futhi uziqaphe.

Kufanele sikuqakambise nje ukuthi lomuntu osuke evela la akufanele usheshe umnuke. Ziningi ke izizathu ezidala sisho kanje. Labo abamnkantsha ubomvu kwezokwelapha bayazi ukuthi abantu sebaganga kangakanani.

Sebeyakwazi phela ukucasha ngabanye abantu emaphusheni. Hamba uyohlola ngaphambi kokuthi unuke umuntu.

Siwathokozele ama comments abevela kulabo abathi bahambe bayohlola amaphupho ngezinwele abelokhu ebuya ngokuphindelela.

Letha iphupho lakho sikuniceze incazelo endaweni yemibono (comments) ngezansi.

10 thoughts on “Ukuphupha Umthakathi Kuchaza Ukuthini”

    1. Thokoza!
      Hawu liyaxakake leliphupho lakho ngoba phela akufanele angene endlini umthakathi. Kodwa ke ubuphupha yena impela nakhu kukhona nabelungu. Kusho ke ukuthi usumbambile noma phela kungeyena lo obumphupha kodwa umuntu obeganga yena amandla aphelile kuye

    2. Kushukuthini ukuphupha mthakathi ekufulathele ungamboni ukuthi ubani efaka something egcekeni kini umhumbe abaleke efihle ubuso

  1. Nkosinathi Nzama

    Ngibingelele admin.

    Ukuphupha ufonelwa wumthakathi omaziyo wasemndenini ekukhulumisa sakuhleka ocingweni kuchazeni? Ngiqale kwangathi ngibona namakati kukade kukhona umuntu ozitshelekisa something esegcekeni kwami wasebaleka nayo leyonto ngamjaha ke ngam’bamba kwase kuvela lamakati kwasekufona yena ke umthakathi uthe esahleka ngaphaphama.

  2. uyaziwa nje ukuth uyathakatha sezewayeka nenkonzo kodw manj ngimphupha sekhiphe ubuhlalu aqhizengapho sesinaye enkonzwen kodw uyambona futhi ukuth unamahloni

  3. Thokoza sacela ukubuza ukuphupha ubona inwele zakho zisikwa kuwe ezincane ubuye uchazwe ngemmuva kwamandlebe both side
    Ubuye uphuphe ulayisha inkuni ezomileyo kugadagada besowubona kunomfana ongena endlini yomfana ophazamiseke ikhanda enethiwe egugelwe ethi ufuna lomfana wam abeyena engekho kwasekhaya

  4. Sanibonani.
    Mina ngiphuphe umthakathi ephezu kwndlu ngamshawoda wadilika wahamba ngamgxoba ngamatshe wbaleka ngaphaphama .

  5. Thandoew Coomalour

    Ngphuphe umzalawam ethi yena usizwe uccwam kungath umawam uyen Lo othakathayo
    Ngath ughijima ngamabele bakweth ichaza ukthin lento ngempel

  6. Vele uyaziwa endaweni ukuthi uyawugila lomkhuba futhi kukhona abambinayo ebusuku, ngize ngamutshela ukuthi angimsabi ngeke kugcine yena ephusheni…

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top