Mncwango Clan Names – Izithakazelo
Ake sikuphe izithakazelo zakwa Mncwango abanye bethi nje Mncwango clan names ngolimi lwesilungu. Zihamba kanjena ke ezakwa Mjaji
Mpangazitha
Mjaji ka Ngotshana,
Makhumbuza uthuli,
Nsiba ka Muntsha,
Dubeni,
Wena owanyela emfuleni wenkosi wathi uyancwanga,
Mpangazitha oziphangayo,
Mzingeli kaMfekaye,
Mncumbatha,
Phakathi wako nkosi,
Uma kukhona obona sengathi sikuvalele ngaphandle okubalulekile mayelana nezithakazelo zakwa Mncwango sicela ukuthi isithinte usazise.
kungabe kuchaza ukuthini uma uphupha umzaliwakho ongasekho kungathi usekhaya uma uqhamuka umufice esekamelweni lakhe emopho avele akudunusele ngezinqazakhe