Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho Kusho Ukuthini

Kusho Ukuthini Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho

Kuthiwa akekho umuntu omthola engenaye umuntu anaye empilweni yakhe. Lokhu kuyafana nje noma owesilisa noma owesifazane. Yikho ke lokhu okuyaye kudale ukuthi uma senindawonye kube knona abantu abangayithandi leyonto yenu ukuthi iphumelele.

Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho

Uma uphupha uxabana nomuntu wakho kufanele impela ukhathazeke. Noma ngabe inxabano yenu ivela ephusheni, isigcino sayo izoba khona noma ungaphuphi. Amaphupho wona ayasixwayisa ngalokhu okusazokwenzeka.

Ngabe Ithini Incazelo

Uma uphupha ulwa nomuntu wakho othandana naye kuvamile leyonto idalwa wukuthi khona enisuke seniqondene naye olwayo. Ziningi ke izindlela abantu abalwa ngayo uma bengayifuni into yenu. Kodwa noma ngabe benzani kodwa ekugcineni bayizitha kuwe.

Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho Ngenxa Yesichitho

Kukhona into abantu abangayinaki uma bethandana. Uma usuze waba nenhlanhla yokuthola umuntu othandana naye yazi ukuthi akubo bonke abantu abakujabulelayo. Zithi zisuka nje bese uba nezitha.

Uthando lwakho uma uzimisele ngalo kufanele ukuthi uluqinise phela nawe. Asisho ukuthi thakatha noma usebenzise imithi emibi. Kufanele nje ulungise izindaba zakho ziqonde.

Kuvamile ukuthi indaba yothando uthole ukuthi ayihambi nje kahle kanti yingoba izindaba zakho zingaqondile. Umsamo wakho uma unemibuzo futhi ungaqondisiwe ngeke uthokozoke kwezothando.

Qeda Ukuxabana Othandweni Lwakho

Ukugeza ngeziwasho kuyasiza ukwehlisa iziphithiphi othadweni lwakho. Iziwasho zisusa imimoya nje emibi. Kanti futhi uma kukhona isichitho oshawa ngaso isiwasho siyakwelapha. Ngiye ngikuncome ukuthi abantu bazihlanze.

Okunye nje okusizayo ukuthi ujwayele ukugeza empophomeni ngoba yona ikususa konke okungalungile kuwe.

1 thought on “Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho Kusho Ukuthini”

  1. Kusho ukuthin ukuphupha ulwa ne Somalia ngenxa yokuthi lingidayisele into ekungayiyo ngafuna imali yami saxabana kerh lashaya ngempama ngasengilwa ngavele ngavuka

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top