Izithakazelo Zakwa Mthembu, Mthembu Clan Names, Mthembu Clan Praises

Ake sikuthi nje fahla ngazo izithakazelo zakwa Mthembu, phela laba abafundile ke bona sebathi Mthembu clan names. Noma ungakuqhamukela ngakuphi futhi kanjani kodwa konke nje kusho into efanayo.

Mvelase,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Asibinge nje ngokusivakashela la, ungagcini nje kanje kodwa uhlabe umkhosi nakwabanye bakwa Mthembu obaziyo nabo beze bazifundele ngokwabo nazi izithakazelo zakwa Mthembu.

Zikhona Futhi:

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top