Ngaphambili sike sachaza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha imoto ishayisa okuyiphupho ebesilithola kaningi libuzwa. Ziningi ke izincazelo ezikhona ngaphandle kodwa kufanele ziqondiswe zonke.
Ngokuseqinisweni nje akekho umuntu ongachaza iphupho lomunye umuntu 100% ngoba phela onke amaphupho a personal. Thina umsebenzi wethu ukukucacisela ngohlaka lwephupho lakho.
Ukuphupha Imoto Emhlophe Kuchazani
Imoto emhlphe ikhomba isimo samandla akho okuzalwa. Konke esikwenzayo sikwenza ngamandla esinawo. Lamandla sizalwa nawo sonke siwaphiwa yithonga. Izinqumo esizenzayo ke empilweni kuyenzeka zilimaze amandla ethu.
Kwesinye isikhathi amandla akho alinyazwa abanye abantu abafuna ukusebenza ngawo. Lento iwumkhuba owenziwayo abantu esisondelene nabo kodwa ikakhulukazi emndenini.
Ivamile into yokwebiwa kwamandla emindenini ngoba sithetha idlozi elilodwa.
Ukuphupha Imoto Emhlophe Isha
Ukusha kwemoto emhlophe kusho ukulimala kwamandla omuntu othile. Kuya ngokuthi ukwazile yini ukubona umnikazi wayo lemoto oyiphuphe isha.
Ukuphupha Ushayela Imoto Emhlophe
Lihle ke leliphupho ngoba lisho ukuthi izinto zakho zonke zisahamba kahle futhi uzibambele wena mathupha.
Ukuphupha Uthenga Imoto Emhlophe
Lalihle naleli ngoba lichaza ukuthi ususukumile empilweni indlela oyihambayo noyiqalile izohamba kahle ezandleni zakho
Ukuphupha Ugeza Imoto Emhlophe
Siyakubongela ngoba izinto zakho uyazihlambulula ziyagezeka zonke. Uma ngabe bewukade ubambekile usugezekile manje. Idlozi lakho selizenzelile lona siyathokoza.
Ukuphupha Imoto Emhlophe Imile
Akunawo umehluko omkhulu kakhulu ukuthi ibihamba noma imile imoto ephusheni. Mhlawumbe okubalulekile nje kakhulu wukuthi yini enye oyiqaphelile ngalemoto
Ukuphupha umgodi ombiwe kunenhlabathi ebomvu futhi umbiwa umuntu omaziyo kusho ukuthini
Mina ngokwaz kwami umgodi ogujiwe uchaza isifo kungaba kuthi lowo mgodi ugujelwe Wena or Muntu wakini
Ngiyabonga
Mina iskhathi esiningi ngphupha imoto omhlophe ishayelwa imina , and it like we on a Trip ..but Angazi nokuthi libangiswekuphi … and Zinhle Bandla izindawo engsuke ngizidlula ngendlela….amaBhilidi …neMizi nje emihle …imigwaqo yakhona …
Masekuba eLenyoka Nkos Yami ๐… ngvele ngikhe ngeJubane ….ubukhulu Bayo ibona obuzoqale bungfake amanzi emadolweni ๐๐คฆ….emva kwaloko angibe ngsabheka emuva coz inkulu okudlula isiziba๐๐….imibala Yazo ayifanike …..enye yayi Red and White like …(ayithusi Yona Kakhulu ngob ayingibuki miqhamuka futhi isuke ihamba emfuleni )
Maseka iNyoka Emnyama Phuuu…. Yabonake Yona ๐….akudlalwa …alufakwa futhi๐ค…
Kuziya ngokuthi lowomgodi uwubone kuphi nendawo. Bekusemathuneni noma bekusesiqeleni nje? Usondelene kangakanani nawe umuntu obewumba lomgodi. Ukuphupha inhlabathi akukuhle ngaso sonke isikhathi ngoba kuvame ukukhomba izinto ezenziwa ngenhlabathi isikhathi esiningi
Mina ngiphuphe nginemoto BMW emhlophe ngiyithengile but it’s a second hand enhle and sinabangani la,and then sihambe silandelane mina ngisemuva kwabo mase kufika ejikeni ngijike and lose control but ngiphume ngaphandle kwayo imoto iphaphalaze yodwa and kunabantu Lana nemizi. If ngiya kuyo ngifike ngithole ukuthi ishayise umuntu kodwa kancane and nayo imoto ilimale kancane eceleni. Ngiphaphame
Sawubona ngiphupha sengathi ngiya driver I monto ekunge yami, engathi iyagijima ngiphinde ngime, engathi ngikhombisa omzala bami imonto ungithengile, engathi nabo o Curzn bebejabulile ukuthi ngithenge imonto kuleliphupho lemonto ibine mibala embili, omhlophe / silver .
kucazani uku phupha ugibele i taxi emhlophe ne ngane yakho and lelo taxi beligijima kakhulu
Kuchazani ukuphupha ushayela imoto emhlophe yomlungu wakho
Kuchazani ukuphupha uthenge imoto emhlophe kodwa iyi second hand bekukhomba ngisho nokuduma kwayo okunamadla ngumuntu omjwayele.
Kuchazani ukuphupha ushiywa imoto bese umuntu wakho eyahleka ahambe naye