Ukuphupha Ulwa Kusho Ukuthini

Kusho Ukuthini Ukuphupha Ulwa?

Ukuphupha ulwa uma kuza noma kukufikela ephusheni akuyona into enhle ngakho ke kufanele ulibhekisise leliphupho ukuthi lichazani. Kubalulekile ukuthi wazi ubulwa nobani noma nami ngesikhathi uphupha. Kungaba umuntu obulwa naye kodwa futhi kuyenzeka kube yisilwane njengenja noma inkomo.

Ithini Incazelo Yaleliphupho?

Njengoba sesishilo, kuya ngokuthi ubani lowo ophuphe ulwa naye. Incazelo yaleliphupho imi nje kulokho. Uma bekuwumuntu kodwa ongamazi, sibalulekisa ubulili bakhe noma lokhu avele ekugqokile ngesikhathi uphupha.

Nasi isibonelo: uma kungenzeka uphuphe ulwa nomama wakho okuzalayo lokhu kungakhomba into engalungile ekhaya. Kokunye futhi lingakhomba ukuthi indllela owazalwa ngayo inezimpendulo ozidingayo kubazali bakho.

Sengike ngaqondana nomuntu owayelokhu ephupha elwa nonina ongasekho kanti wayengamtshelanga isibongo sakhe esiqondile esaphila.

Ukuze ukwazi ukulwa nje noma ngabe luhlobo luni lwempi kudingeka ube namandla. Iphupho elinawe ulwa phakathi likhomba isimo sakho sempilo nesamandla.

Ukuphupha Ulwa Nendoda Yakho

Leliphupho singalihlaziya ngokuthi nje kukhona okusuke sekungahambi kahle ebudlelwaneni benu. Okujwayelekile la kuba wukuthi sekukhona onijijimeza ngesichitho esibi. Noma ke futhi lo othandana naye eseqale izindlela ezithile ongazazi wena ungamphupha nilwa.

Ukuphupha Ulwa Nomzali

Njengoba sengishilo leliphupho likhomba isimo esithile kodwa esisemoyeni esimayelana nobudlelwane benu noma izimfihlo ezikhona. Okujwayelekile wukuthi uvuke unezinyembezi emva kwaleliphopho okukhomba khona ukuthi ligcina selikuvalela izinto zakho ngoba kukhona okufuna ukulungiswa. Ukuphupha ulwa nomama wakho nakho kucishe kufane naleliphupho esilichaza la

Uma Uphupha Ulwa Nenja

Ngokujwayelekile siyaye sithi inja imele idlozi. Lokhu sikusho ngoba iyisilwane sasekhaya njenge nkomo. Lezizilwane ziyathanda ukuvela emaphusheni ethu uma silele ngezizathu ezithile.

Ukuphupha ulwa nenja akufanele kukujwayele ngoba phela akufanele ulwe nedlozi. Leli phupho liyinkomba yokuthi mhlambe khona la ophambana khona nezinhloso zedlozi ohamba nalo.

Kushoni Uma Ulwa Notokoloshe Uphupha

Lapha kukhomba nje ngokusobala ukuthi wena ubhekene nesilwane. Futhi nje usuke usunenhlanhla uma uziphuphela kanje okusho ukuthi kufanele uphakame ngokushesha uzelaphe. Ngesinye isikhathi ungazilapha nje ngento elula. isiwasho Sokugeza! Zejwayeze ukusebenzisa isiwasho zokuzihlanza nje noma kungonakele lutho empilweni.

4 thoughts on “Ukuphupha Ulwa Kusho Ukuthini”

  1. Thokoza. Ngine boyfriend esi on & off nayo since 2017 akucacile. Usenengoduso manje/intombi ayethandana nayo kanye nami kusukrla ekuqaleni. Benginokumphupha uma sihlukene, kodwa manje sengimphupha kanye nengoduso leyo ,nami ngikhona. Ngiyafisa ukushiya lobudlelwano kodwa akushiyeki, namaphupho lawa ayangikhuba emoyeni. Mina naye asisondelene kangako kodwa akuvumi ngishiye. Kungabe kuchazani lokhu

  2. Thokoza. Ngine boyfriend esi on & off nayo since 2017 akucacile. Usenengoduso manje/intombi ayethandana nayo kanye nami kusukrla ekuqaleni. Benginokumphupha uma sihlukene, kodwa manje sengimphupha kanye nengoduso leyo ,nami ngikhona. Ngiyafisa ukushiya lobudlelwano kodwa akushiyeki, namaphupho lawa ayangikhuba emoyeni. Mina naye asisondelene kangako kodwa akuvumi ngishiye. Kungabe kuchazani lokhu

  3. Ngiphuphe ngilwa nomuntu wesilisa engingamazi obehamba nosibali wami waqale wangishaya, nami ngase ngiyamshaya waze wawa phansi

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top