Ayinto engajwayekile amaphupho ngezinwele kodwa wona akhona. Noma ngabe uyasikholwa noma awusikholwa isigameko esise ncadini encwele phakathi kuka Samsoni no Delile kodwa lokhu khona kwezinwele kuyiqiniso. Phela kulesisigameko uSamsoni walala kwase kuthi intokazi ewu Delile yamgunda izinywele aphela amandla akhe.
Lesisigameko ngisiletha lapha hhayi ngoba ngilikholwa kodwa ngifuna ngithi uma ngichaza ngezinwele nawe usheshe ucacelwe.
Amaphupho Ngezinwele Asho Ukuthini?
Ngokudlule sike sachaza okushiwo iphupho lapho khona uxabana nomama wakho. Abaningi bagculisekile ngencazelo yaleliphupho kuma social media naku whatsapp wethu.
Ukuphupha izinwele akuyona into ejwayelekile nje kithi sonke. Kodwa futhi uma ngabe sekwenzekile waziphupha kunendlela okungafanele uziphuphe ngayo.
Ukuphupha izinwelw zakho zigundiwe lokho kusho ukuthi amandla akho ayantshontshwa ngandlela thizeni. Kulesisikhathi ke samanje ziningi izindlela abantu abakwenzwa ngayo lokho. Kodwa nje elami lithi uma uphupha izinwele zakho zigundwa kufanele ukhathazeke.
Ukuphupha izinwele zakho zikhulile futhi ziznhle lokhu kukhomba ukuthi izinto zakho zamandla zihamba kahle. Ukube kuya ngami ngabe ngithi phakama usebenze kakhulu kunakuqala.
Ukuphupha Izinwele Zincolile
Naleliphupho alilihle nhlobo noma ke nje lona lingafaki umuntu wesibile. Kukhona la okufanele ukuthi ukwenzile ukuze amandla akho abuyele esimweni sawo. Ungakhathazeki ngoba wona awahambile ngokwezinkomba zaleliphupho
Sesiphetha nje singasho ukuthi amaphupho ngezinwele onke abika ukuthi isimo sakho samandla owazalwa nawo simi kanjani. Lamapho ayakuqwashisha futhi ayaba yisexwayiso ngokunjalo.
Ukuphupha Izinwele Zakho Zicwebezela
Izinwene ezinhle futhi ezikhazimulayo zisho ukuthi isimo sakho samandla sisahamba kahle. Izinto ozisebenzayo ziyasebenzeka futhi ziyakhula zizoba nempumelelo.
Ngiphuphe usisi wami ongasekho engincoma ukuthi ngiluke kahle wangithinta ukhakhayi maqede wathi uzongilungisa emaceleni maqede wangiqaqa emaceleni waphinde wangiluka. Okungidida kakhulu ngivuke ngiphethwe ikhanda. Ngabe kuchazani
Lihle kakhulu leliphupho lakho sisi. Ungakunaki lokhu kokuphathwa yikhanda. Incazelo yalo asikwazi ukuyifaka lana kuma comments ngoba izokuqhatha
Sawubona
Ngicela ungisize ungichazele leliphupho.
Ngiphuphe u anti wami ongasekho engiluke kahle ekhanda amasinhili elilodwa liqaqeka waphinda walilungisa. Ngyabonga
Ngiphuphe ngise saloon ngigeza inwele zinkulu zizinhle ,masekumele azomise inwele aphume lo obengigeza ngisale ngilindile kube ke sekungena omunye abasebenza bonke kuyo lesaloon , ale ukuzomisa azincome kakhulu abesethi linda lo obekugeza ,ngilinde athi ma eqhamuka athi aaah besengikhohliwe ukuthi usalindile ngasengiphaphama ke, ingabe kutshoni ukuphupha inwele ?
Kumele ngiyenze njani uma ngiphupha nginezinwele azikhulu azihle
Kusho ukuthin ukuphupha ugunde emaceleni phecelezi( cut)
Sanbonani admin
Ngcela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha izinwele zakho zikhulile zizinde kodwa ziphothiwe ?
Mina okwami kuthe ukuhluka kancane sengiphuphe kaningana izinwele zimile olwimini lwami and ngiyazixebula khona ephusheni lami ingabe ichazani lento?
Ngiphuphe noise sontweni but mangizibuka esbukweni izinwele zami sezikhulile zinkulu
Ngiphuphe ugogo wam usaphila kodwa enginikeza ukhakhayi lwakhe olunezi nwele ethi ungishiya nalo ungipha lona manje ngiyalinqaba yena ungipha nge nkani uze uyazi hlwengisa lezi nwele zakhe ezikukhakhayi lwakhe anginika Zona.
Cela ukbuza kuchazani ukuphupha uqhothukelwe izinwele ngemumva kodwa zikhona okhakhayini
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu enezinwele ezinde kodwa ungumuntu ongazithandi I inwele uhlezi egundile kodwa ephusheni bese zinkulu ziqhafaze ngezinwele ezimhlophe