Ukuphupha Umuntu Enqunu

Zingane zakwethu zikhona izinto zokuphushwa kodwa ukuphupha umuntu enqunu yinto engafanele ukuthu ijwayele ukwenzeka kuwe. Lokhu sikushiswo wukuthi leliphupho likhomba isimo esingalungile kahle empilweni yakho noma kulowo osuke umbona ephusheni.

Okusangozana ngaleliphupho wukuthi lo omphupha enqunu kunokwenzeka ukuthi nguwena qobo lwakho kodwa iphupho likufihlile. Abaningi baye becabange ukuthi lokhu kusho umthakathi. Cha lutho bashaye phansi.

Kuchazani Ukuphupha Umuntu Enqunu?

Lomuntu omphupha enqunu unesimo esingahambi kahle empilweni yakhe. Kungaba yisimo sempilo yakhe noma kube yisimo sezenhlalakahle kodwa kukhona okungezukuhamba kahle kuye. Kufanele ke wena bese ubheka ukuthi nisondelene kangakanani naye.

Ukuphupha Umuntu Enqunu Ongazwani Naye

Uma lomuntu ombona enqunu ephusheni kuwumuntu eningadonselani naye kahle incazelo ithanda ukwehluka kakhulu. Ukuphupha isitha sakho sinqunu kusho ukuthi kukhona umuthi akugadla ngawo kodwa umbambile. Kufaneleke nawe bese uyanyakaza uthole iziwasho.

Ukuphupha Umuntu Wesifazane Enqunu

Ake siqwashiwe abafowethu lana ngokuphupha umuntu wesifazane enqunu ngoba abaningi baye bathathe ngokuthi lento yinhle noma iyabajabulisa. Okubi nje kakhulu wukuthi uzwe ulale naye lomuntu wesifazane omphuphayo.

Kuyaye ke kufane kwesinye isikhathi noma uwumuntu wesifazane kodwa uphuphe owesilisa enqunu.

Angilimise nje ngembaba elokuthi ukuphupha umuntu enqunu wesifazane kusho ukuthi khona okuthumelela ngesilwane. Into abasuke beyifuna wukuthi ulale naso bese kwakhekha isichitho esithile esizohlala nawe kube nzima ukusilapha. Uma kwenzekile wavuka naleliphupho vuka ugeze ngamanzi nje uthethe uthi ugeza lomoya omubi.

Zama ukuthi uzitholele iziwasho zokugeza ukuze ususe lemimoya emibi ekulandelayo. Uma liqhubeka libuya leliphupho sekufanele unyakaze uyobheka ukuthi kuqhubekani empilweni.

Into nje ekhathaza kakhulu wukuthu uma usuke walala nesilwane ephusheni asibe sisahamba kalula kuba wumzukuzuku ukusixosha. Yingakho nje siniqwashisa madoda ukuthi uma kukhona indlela bengizothi ungake ulinge ulale naye khona ephusheni.

Amaphupho Nezincazelo Zawo:

1 thought on “Ukuphupha Umuntu Enqunu”

  1. Sanibona la ekhaya.

    Ngicela ukubuza. Kusho ukuthini ukuphupha ngihamba qunu but ngingenandaba kodwa emva kokubona lamapipi ami emabili ngaqala nganganaka lutho olubi ukuthi ngiyabonwa kodwa ngibe nokuphakamisa amashiya ukuthi mabili, ngaqhubeka ngazihambela, khona lapho kwabakhona lokho ukuthi angimbathe noma ngifihle kodwa ke ngaqubeka. Kukhona la engathi ngajikela ngakhona ngiyombatha kodwa still ngezansi bengisaqunu futhi ngangabanendaba ngaqubeka with somewhat confidence, ngazengathi hhai akusho lutho, la phela lapho iphupho.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top