Izithakazelo Zakwa Dlamini, Dlamini Clan Names, Dlamini Clan Praises

Ake sigagule izithakazelo zabantu bakwa Dlamini namhlanje bakwe. Nazo ke zihamba kanjena Sibalukhulu,Mdlovu, Magaduzela,Magaga kaNsele,Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba,Mgoqo ovimb’esangweni nansi impi,Izwe lafa ngathini na?Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,Ngonyama! Bakwethu asibonge ngokunilethela izithakazelo zakwa Dlamini kanti abanye benu bona bakhetha ukuthi Dlamini clan names kodwa akusho lutho …

Izithakazelo Zakwa Dlamini, Dlamini Clan Names, Dlamini Clan Praises Read More »

Ukuphupha Umuntu Egqoke Izingubo Ezimnyama

Sonke siyazi ukuthi ngookwesiko lesintu izingubo ezimnyama zisho ukuzila ngokwesintu. Kodwa ke akuyiso sonke isikhathi la khona izingubo ezimnyama zibika isifo. Ukuphupha Umuntu Egqoke Izingubo Ezimnyama Engihlale ngikugcizelela njalo uma iphupho lakho linomunye umuntu phakathi wukubheka ukuthi lowomuntu ubani. Futhi kufanele ubheke ukuthi nihlobene noma ubudlelwane benu bumi kanjani. Uma ngabe uphupha umuntu omaziyo futhi …

Ukuphupha Umuntu Egqoke Izingubo Ezimnyama Read More »

Ukuphupha Umuntu Enqunu

Zingane zakwethu zikhona izinto zokuphushwa kodwa ukuphupha umuntu enqunu yinto engafanele ukuthu ijwayele ukwenzeka kuwe. Lokhu sikushiswo wukuthi leliphupho likhomba isimo esingalungile kahle empilweni yakho noma kulowo osuke umbona ephusheni. Okusangozana ngaleliphupho wukuthi lo omphupha enqunu kunokwenzeka ukuthi nguwena qobo lwakho kodwa iphupho likufihlile. Abaningi baye becabange ukuthi lokhu kusho umthakathi. Cha lutho bashaye phansi. …

Ukuphupha Umuntu Enqunu Read More »

Kusho Ukuthini Ukuphupha Ugwazwa

Kuchazani Ukuphupha Ugwazwa? Abantu abaningi abasibhalele besibuza ngokuthi kuchazani ukuphupha ugwaza sizamile ukubaphendula. Yingakho nje sikhethe ukuthi sibhale kabanzi ngaleliphupho. Ukuphupha Ugwazwa Ngomese Lijulile lona leliphupho uma uze wakwazi nokubona ukuthi ugwazwa ngasikhali sini noma siphi. Lokhu ukuphupha ugwazwa ngomese kucace nje bha ukuthi lana ubheke nengozi eza ngesikhali. Kuyenzeka ke kwesinye isikhathi isikhali ungakwazi …

Kusho Ukuthini Ukuphupha Ugwazwa Read More »

Ukuphupha Uxabana Nomama Wakho

Kusho Ukuthini Ukuphupha Uxabana Nomama Wakho Leliphupho elinjena sengilizwe izikhashana eziningi futhi kubantu abahlukene. Abanye esengike ngabacacisela lona bese bebe nalo iminyakanyaka. Lifike libuye linyamalale kodwa libuye emva kwesikhashana Umama wakho wuyena umzali obaluleke kakhulu uma ngabe sekuza ngasekufundisekeni kwakho izinto eziningi zempilo. Ikakhulukazi yibona omama abanye basiqoqe ngokweziyalo empilweni. Ekuzalweni nje kwakho umama wakho …

Ukuphupha Uxabana Nomama Wakho Read More »

Izithakazelo Zakwa Mthembu, Mthembu Clan Names, Mthembu Clan Praises

Ake sikuthi nje fahla ngazo izithakazelo zakwa Mthembu, phela laba abafundile ke bona sebathi Mthembu clan names. Noma ungakuqhamukela ngakuphi futhi kanjani kodwa konke nje kusho into efanayo. Mvelase,Qhudeni Mvelase,Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,Mvelase kaGuda,Ongawadl’amathibani,Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,Mnisi wemvula ilanga libalele,Ngoz’ovel’eNyandeni,Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,Nina baseMlamlankunzi! Asibinge nje ngokusivakashela la, ungagcini nje kanje kodwa uhlabe umkhosi nakwabanye bakwa Mthembu …

Izithakazelo Zakwa Mthembu, Mthembu Clan Names, Mthembu Clan Praises Read More »

Izithakazelo Zakwa Mncwango Clan Names

Mncwango Clan Names – Izithakazelo Ake sikuphe izithakazelo zakwa Mncwango abanye bethi nje Mncwango clan names ngolimi lwesilungu. Zihamba kanjena ke ezakwa Mjaji Mpangazitha Mjaji ka Ngotshana, Makhumbuza uthuli, Nsiba ka Muntsha, Dubeni, Wena owanyela emfuleni wenkosi wathi uyancwanga, Mpangazitha oziphangayo, Mzingeli kaMfekaye, Mncumbatha, Phakathi wako nkosi, Uma kukhona obona sengathi sikuvalele ngaphandle okubalulekile mayelana …

Izithakazelo Zakwa Mncwango Clan Names Read More »

Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho Kusho Ukuthini

Kusho Ukuthini Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho Kuthiwa akekho umuntu omthola engenaye umuntu anaye empilweni yakhe. Lokhu kuyafana nje noma owesilisa noma owesifazane. Yikho ke lokhu okuyaye kudale ukuthi uma senindawonye kube knona abantu abangayithandi leyonto yenu ukuthi iphumelele. Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho Uma uphupha uxabana nomuntu wakho kufanele impela ukhathazeke. Noma ngabe inxabano yenu ivela …

Ukuphupha Uxabana Nomuntu Wakho Kusho Ukuthini Read More »

Ukuphupha Ulwa Kusho Ukuthini

Kusho Ukuthini Ukuphupha Ulwa? Ukuphupha ulwa uma kuza noma kukufikela ephusheni akuyona into enhle ngakho ke kufanele ulibhekisise leliphupho ukuthi lichazani. Kubalulekile ukuthi wazi ubulwa nobani noma nami ngesikhathi uphupha. Kungaba umuntu obulwa naye kodwa futhi kuyenzeka kube yisilwane njengenja noma inkomo. Ithini Incazelo Yaleliphupho? Njengoba sesishilo, kuya ngokuthi ubani lowo ophuphe ulwa naye. Incazelo …

Ukuphupha Ulwa Kusho Ukuthini Read More »

Scroll to Top